DOWNLOAD BURSARY FORMS

Enter your email address below:

Search This Blog

Powered by Blogger.

Blog Archive

Labels

March 2022 - Archive

Umzuzu NoJesu

March 13, 2022

Umzuzu nay’ UJesu

Uyaguqula njalo

Usizi nenkathazo,

Uyaluxosh’ uvalo.

Ngingenwa ukwethaba

Noma ngimbheka-ke,

Ubuhle balomhlaba,

Ngishay’ indiva nje.


Umzuzu nay’ uJesu

Khangel’ uthand’ analo,

Ngilethe njalo kuye

Usizi nemithwalo.

Noma ngidinw’ indela

Aphel’ amandla nya,

Kuyongisiz’ impela

Umzuzu naye la.


Sengathi ngibe-nawo

‘Mihleni yonke yami

Umzuzu nay’ uJesu

Ekuhambeni kwami.

‘Kufisa kwami konke

Impele yikho-ke:

Kuze kube-phakade

Ngihlale naye le. 

Esandleni Somusa Icilongo 116

March 13, 2022

 Ngo msindis' onami la empini

Ngiyagcinwa noma ungathini

Ungisith' esivunguvungwini

Esandleni somusa


Esandleni somusa

Esandleni somusa

Ngiyagcinwa, Noma kungathini

Esandleni somusa


Ungigona ngemokhono yakhe

Ngiyathokozisw' amazwi akhe

Ndiyalondwa ngobiqhawe bakhe

Esandleni somusa


Yena akasoze angiyeke,

Ngingephucwe futhi kuye ngeke;

ngoba ungiphethe ngesineke

Esandleni somusa.

Abantwana AbeNkosi

March 13, 2022

Abantwana AbeNkosi Lyrics (Icilongo LeVangeli)

(i) Abantwana abeNkosi

Kabanazo izingozi;

Bahlez'okwenyon'endlini,

Nenkanyezi ezulwini.

(ii) OyiNkosi yaphezulu

Ubathanda,he kakhulu;

Ubafaka ekhwapheni,

Bangengene ekufeni.

(iii) OyiNkosi yaphezulu

Ubathanda,he kakhulu;

Ubafaka ekhwapheni,

Bangengene ekufeni.

(iv) 'Kakh'umuntu onamandla

Okuchith' elakh'ibandla;

Yen'ungumfo weth'impela,

Usiphath' usivikela.

(v)UnguBab' onobubele,

Uyabala nezinwele,

Usifunz' usigqokisa,

Yebo,usijabulisa.

(vi) Jabula-ke ngakho,bandla,

Uvikelwa onamandla.

Zonk'ezakho-ke izitha

Uzisusa ezichitha.

(vii) Noma ungashayw'uvalo

Yena unguYihlo njalo,

Into inye ayifisa

Yona:ukukusindisa. 

Siqonda Ekhaya Lyrics

March 13, 2022

Bhekani kuJes' onguMholi-ke,

Nophiwa amandla nguyena, he.

UJesu unathi ngoMoya la,

Kepha-ke ngale sizombona, he.

Yebo, bakithi, sombonga, he

Loduma izulu linkeneze, nke

UJes' ufanel' ubukhosi nje,

Ehe, wodunyisa phezulu le.

Siqonda ekhaya, nuthini na?

Masingathiyeki ngalutho la!

Nxa sikholwa lapha, sibona le,

Sohlala noJesu, kukuhle hle x2

Yebo, bakithi, sombonga, he

Loduma izulu linkeneze, nke

UJes' ufanel' ubukhosi nje,

Ehe, wodunyisa phezulu le.