DOWNLOAD BURSARY FORMS

Enter your email address below:

Search This Blog

Powered by Blogger.

Blog Archive

Labels

Abantwana AbeNkosi

March 13, 2022

Abantwana AbeNkosi Lyrics (Icilongo LeVangeli)

(i) Abantwana abeNkosi

Kabanazo izingozi;

Bahlez'okwenyon'endlini,

Nenkanyezi ezulwini.

(ii) OyiNkosi yaphezulu

Ubathanda,he kakhulu;

Ubafaka ekhwapheni,

Bangengene ekufeni.

(iii) OyiNkosi yaphezulu

Ubathanda,he kakhulu;

Ubafaka ekhwapheni,

Bangengene ekufeni.

(iv) 'Kakh'umuntu onamandla

Okuchith' elakh'ibandla;

Yen'ungumfo weth'impela,

Usiphath' usivikela.

(v)UnguBab' onobubele,

Uyabala nezinwele,

Usifunz' usigqokisa,

Yebo,usijabulisa.

(vi) Jabula-ke ngakho,bandla,

Uvikelwa onamandla.

Zonk'ezakho-ke izitha

Uzisusa ezichitha.

(vii) Noma ungashayw'uvalo

Yena unguYihlo njalo,

Into inye ayifisa

Yona:ukukusindisa. 

0 Comments:

Post a Comment